AboKhozi FM baqokwe kumaSebenza Women Awards akulo nyaka.

Originally published by Isolezwe: CHARLES KHUZWAYO | July 5, 2020

ABASAKAZI boKhozi FM baqokwe kwi2nd Annual Sebenza Women Awards 2020 azobanjelwa endaweni esazomenyezelwa eThekwini ngo-Okthoba 30. 

UDudu Khoza osakaza uJabul’ Ujule ungene emunxeni weCommunity Builder of the Year lapho edlana khona imilala noNtokozo Ayanda Njilo, Nosipho Ngcobo, Thabile M Buthelezi noNomfundo Msomi. 
Umsakazi wohlelo lwantambama, uNonhlanhla “Mroza Wangempela” Buthelezi ungene emkhakheni weWoman in Art lapho eqhathwe khona nomlingisi uThuso Mbedu; umsakazi weVuma, uJacinta Ngobese; umculi uZandie Khumalo nomsakazi weGagasi FM, uLesoul. UZimiphi “Zimdollar” Biyela yena ungene emunxeni weWoman in Media lapho etholene khona phezulu noDJ Happy Gal; Sithelo The DJ, umlingisi weMbewu uBrenda Mhlongo noNomfundo Mkhize. Emkhakheni weSebenza Women Champion lo msakazo umelwe uphrojusa kaSigiya Ngengoma neSidlo Sasekuseni, u-Ayanda Melansi, futhi utholene phezulu noSebenzile Buthelezi, Sthandwa Ngonyama, Mbali Ngcobo noNaima K. 
Ukumenyezelwa kwabaqokwe kulo mqhudelwano wezindondo kwenziwe izolo. Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, lo mqhudelwano ubungaza abantu besifazane basemazingeni ahlukahlukene futhi abanamagalelo emikhakheni abakuyo. 
Emikhakheni abaqokwe ngaphansi kwayo kubalwa owokwakha, owezezimali, owosomabhizinisi, owokufukula umphakathi, owemithombo yezindaba, owezemidlalo nezobuciko. Umqhudelwano wakulo nyaka ubukeka unesasasa kakhulu ngenxa yezinga eladalwa ngowangonyaka ofile. Lokho kubonakale nangesibalo semingenelo. 
Umsunguli weSebenza Women Awards, uKini Shandu, uthe isasasa alikhonjiswanga ubuningi bemingenelo kodwa nezinga labesifazane eliqokiwe lenze kwaba nesigqi. “Kimina lokhu kusho ukuthi abantu batusa ngempela inhlosongqangi ngalama-awards.” 
Umkhakha obhekwe ngamehlo abomvu ngoweBusiness Leader of th Year, okuboshelwe kuwo uShauwn Mkhize wodumo lohlelo lwethelevishini oluthi KwaMkhize; uZama Phakathi; uLynette Ntuli; Nomfundo Mcoyi noZodwa Msimang. “Kuminyene utshumo kuyoyonke iminxa njengoba bonke abaqokiwe befanele ukudla umhlanganiso. Konke sekusezandleni zomphakathi njengoba abanqobayo bevotelwa wumphakathi. Sinxenxa abantu ukuba bavotele izintandokazi zabo ngoba yibo abanezwi ekukhetheni owinayo,” kusasho uKini.
Ukuvotelwa kwabaqhudelanayo sekuqalile. Ukuvotela umuntu omthandayo, ukwenza ngokuthumela i-sms eqala ngomunxa aqokwe kuwo, igama lakhe bese uyithumela ku44344. Ukuvota kugcina ngo-Okthoba 16 kanti umcimbi kulindeleke ukuba ubeseThekwini ngo-Okthoba 30. Ngenxa yokubhebhetheka kweCovid-19 kungenzeka abawinile bamenyezelwe ezinkundleni zokuxhumana.
Kweminye iminxa kuqhathwe kanje: INSPIRING YOUNG WOMAN: Mbali Ngcobo, Sanelisiwe Bhengu, Nono Mtshali, Thabisile Mbuyazi, Sebenzile Buthelezi. 
EMERGING ENTREPRENEUR:  Brightness Ngcobo, Khanyakazi Dzanibe, Zandile Mkhize, Sinenhlanhla Shange SEBENZA GIRL CHAMPION:  Anelile Gibixego, Lucia Mthiyane, Phindile Grootboom, Thabisile S Mbuyazi, Jayshree Xulu; 
WOMAN IN SPORTS: Phaty Dzanibe. Xolile Mpisane, Dinesha Devnarain, Lulu Ndyibithi 
WOMAN IN FINANCE: Zibu Sibiya, Nompumelelo Mkhwanazi, Nokwazi Chonco, Simbongile Mbalekwa, Nozipho Ndlovu. 
WOMAN IN CONSTRUCTION:  Nana Mzila, Precious Nyauza, Xolo Ndunakazi.   

Leave a Comment

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to Top